Ubuyela enkantolo umdlali weBhakabhaka

2017-11-15 09:31

Johannesburg - Kulindeleke ukuba avele eNkantolo yeMantshi yaseRandburg namuhla (ngoLwesithathu) umdlali we-Orlando Pirates ngecala lokushayela budedengu.

Lo mdlali, uHappy Jele, waboshwa ngoSepthemba ngemuva kokubanjwa ehamba ngesivinini sika-223km/h endaweni ka-120km/h.

OLUNYE UDABA:Lihlehlisiwe elomdlali weDowns uboshelwe ukushayela ngesivinini esiphezulu

UMnyango wezokuPhepha koMphakathi eGauteng usigxekile isenzo salesis ihlabani sebhola likanobhutshuzwayo.

UJele wayehamba ngemoto yohlobo lwe-BMW 351i ku-M1 ngaseSandton kanti ngesikhathi ebuzwa ukuthi kudalwa yini ukuthi ahambe ngesivinini esiphezulu waphendula ngokuthi uphuthuma ingane yakhe egulayo.

 - eNCA

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Showers late. Partly cloudy. Mild. Pta: 10-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-21°C Sunny. Mild. Bloem: 4-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 13-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...