Uyavela enkantolo owajikijela phansi usana kudilizwa imijondolo

2018-04-16 07:35

Port Elizabeth – Ubaba owaphonsa phansi ingane ephezu komjondolo ePort Elizabeth uzovela eNkantolo kaMantshi eNew Brighton ngoMsombuluko.  

Amaphoyisa asindisa usana olunonyaka ubudala ngemuva kokuba uyise eluphonse phansi kade ephezu komjondolo eJoe Slovo ngesikhathi kudilizwa imijondolo egxunyekwe ngokungemthetho kule ndawo.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe imeya kuMasipala iNgquza Hill

Ubaba oneminyaka engu-38 ubudala ubhekene necala lokuzama ukubulala.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Andre Beetge uthi amaphoyisa abamba ubaba, wavele waludedela usana lwakhe lwentombazane ephezu kwendlu.

UBeetge uthi ngenhlanhla iphoyisa likamasipala lakwazi ukulunqaka usana.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 10-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-23°C Sunny. Mild. Bloem: 5-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C Sunny. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...