Uyavela enkantolo osolwa ngokubulala intombi

2017-11-12 13:17

Johannesburg - Owesilisa oneminyaka engu-26 ubudala kulindeleke ukuba avele eNkantolo yeMantshi yaseMidrand ngoMsombuluko ngezinsolo zokubulala intombi yakhe e-Ivory Park.

Umsolwa ubhekene necala lokubulala nokuqamba amanga engaphansi kwesifungo ngemuva kokutshela amaphoyisa ukuthi intombi yakhe yabulawa owayeyisoka layo.

Lo mlisa wathi lowo owayeyisoka lalo wesifazane wabanikeza u-lift besuka e-Ivory Park beya eMidrand, kepha esikhundleni salokho wayishaya yazula imoto ibheke esigangeni lapho afike agwaza lo wesifazane washona, omunye owayehamba nalo owayeyisoka emkhombe ngesibhamu.

OLUNYE UDABA: Zimkhalele ozame ukubheca i-ex yentombi yakhe ngecala lokubulala

Umsolwa waholela amaphoyisa endaweni yesigameko kwathi ngokuhamba kwesikhathi wazilahla yena futhi ngobufakazi ngesikhathi amaphoyisa empheka ngemibuzo.

Okhulumela amaphoyisa uKay Makhubele uthe: "Kusolakala ukuthi lo wesifazane wayeyothenga izingubo zokugqoka nesoka lakhe kwathi sebesendleleni isoka lamjikela lambulala."

Isizathu salesi sigameko besingakacaci.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 21-33°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 19-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-29°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 21-26°C Decreasing cloudiness. Mild. PE: 23-27°C Morning clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...