Uyalulama owagwazwa amanxeba angu-30

2016-10-03 19:31

Clermont - USiyabonga Dlamini, 28, owagwaza amanxeba awu-30 eshawa ngazozonke izikhali umphakathi ubuka, uthi akaphephile uma abasolwa besazicanasela.

UDlamini ohlala eNdunduma, eClermont uthi ubonga kakhulu impatho yesibhedlela esisindise impilo yakhe iKing Edward nokuba eselulama kodwa uthi ufuna ubulungiswa ngoba abasolwa bamukhipha endlini elele.

“Ngangqongqozelwa umsolwa ethi ufuna imali yerenti ngaxakeka ukuthi kanjani ngoba lona akasiye umastende futhi ufika sengilele ekubeni udakiwe”

OLUNYE UDABA:Owesilisa wasePinetown ugwazwe amanxeba angu-30

“Sahhilizisana naye ngoba ngifuna aphume endlini waze wayoshayeka phansi kabuhlungwana nalapho aphume khona eyolanda abafowabo, ababuzanga lutho bavele bangi ngenela ngenduku bephethe yonke inhlobo yezikhali.

"Ngangivika ocelembe, obhushi, imishiza besho ukungiqeda, ngophela ngaphakathi kakhulu, esibhedlela bangimpompe amanzi emaphashini,”kuchaza uDlamini, kubika Eyethu News.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Showers late. Partly cloudy. Mild. Pta: 10-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-21°C Sunny. Mild. Bloem: 4-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 13-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...