Uyakhala umndeni womshayeli wetekisi odutshulwa abagibeli kwaMashu

2018-03-21 12:30

eThekwini - UPhumlani “Mkhaba” Makhanya,37, uhlangabezane nokufa kwakhe ngoMgqibelo ebusuku ehlaselwa yizinswelaboya ebezigibele etekisini yakhe.

Laba bebegibele etekisini kanti inkinga iqale sebehla bafuna ngenkani imali kuMakhanya.

UZandile Makhanya, ongumalumekazi kamufi, uthe badumele ngoba ufele ubala uMakhanya njengoba bethathe uR90 kuphela abasolwa.

“Esisakutholile ukuthi ngoMgqibelo ebusuku ngabo-7 usuke esiteshini kwaMashu ehambisa abantu. Bese kusele abantu ababili abacele ukwehla ehostela. Sebehla bakhombe ngesibhamu usicabha omunye wakhomba umufi befuna imali.

“Usicabha usitshele ukuthi umnikeze uR90, badubula umufi ngoba bethi incane lemali abanikeze yona. Babe sebebaleka emuva kokumdubula,” kusho uMakhanya.

OLUNYE UDABA: Uboshiwe odubule wabulala intombi kwaSwayimane

Iphephandaba iSolezwe libika ukuthi usicabha ukwazile ukushayela itekisi eyofuna usizo. Washiya umshayeli elele phansi emuva kokudutshulwa. Ubuye nosizo, babe sebemphuthumisa emtholampilo iPoly, washona besendleleni.

Iselula nemali enguR1000 ebisephaketheni likamufi kuthiwa kukhona, owadlula wamkhuthuza wakuthatha esalele wabuye wakubuyisela emndenini.

Lezi zinto zilandwe ehostela KwaMashu, obezithathile ucele umndeni ukuba umnikeze uR150 wedilinki ngokubatholisela izinto azikhuthuze kumufi.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Thulani Zwane, uthe kuvulwe icala lokubulala kanti akekho oseboshiwe.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 8-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...