Uyakhala owavalwa ku-WhatsApp “kungenasizathu”

2016-09-22 16:04

Durban - Umfundi we-Fin24,okhala ngokuvalwa enkundleni yezokuxhumana edumile, uWhatApp, usechaze lesi sigameko esamehlela njengesicasulayo.

“Yebo ngavalwa kuWhatApp futhi kwakucasula njengoba bengazange babeke ngokucacile ukuthi kwakuyini isizathu. Ngabanjwa inkunzi mhaka-12 kuMashi 2016 kwathi emva kwezinsuku ezingu-3 kuya kwezingu-5 kamumva uWhatApp wangivala,” kusho u-Ashley, othi uze wakwazi ukusebenzisa le nkundla yokuxhumana emva kwezinyanga ezintathu.

OLUNYE UDABA: Ishaye uvala intombi ithumela izithombe zenduku yesoka ku-WhatsApp

UWhatApp angabavala abantu abawusebenzisayo uma ngabe bephula imigomo nemibandela yawo.

Phakathi kwezinye zezizathu ezingaholela ekuvalweni uWhatApp kubalwa “ukuthumela imiyalezo eminingi kubantu abangayigcinile inamba yakho”, “ukuvalwa abantu abaningi”, “ukuqala ama-group amaningi anabantu abangakufakile kuma-address book abo”, “ukuthumela umyalezo ofanayo kubantu abaningi”, kanye “nokuphula imigomo yokusebenza kwenkundla”.

U-WhatApp ngenye yezinkundla zokuxhumana ezingenisile njengoba idume ngokuthi iyonga ezindlekweni zokuxhumana.

- Finance24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-20°C Heavy rain late. Mostly cloudy. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-24°C Sunny. Mild. Bloem: 8-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-27°C Sunny. Warm. PE: 12-25°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...