Uyakhala oluthwe yinyanga yalala naye ithi umuthi iwugcoba endukwini

2017-12-10 12:03

Uyakhala owesimame, 35 othi uqolwa yinyanga imoto yakhe yaphinde yamlutha ngokuba ilale naye ngoba ithi umuthi wayo usebenza ngoba iwugcobe "endukwini yethusi."

Le ntokazi yaseMgungundlovu ifike qathatha emahhovisi eLanga LangeSonto izobika ngalolu daba lwe nyanga yaseBhambanani eJozini eyaziwa ngelikaDr Mkhulu.

Le nyanga yamqola imoto iMercedes C180 Kompressor, yayibhala amagama ayo.

Lo wesifazane uthe waya enyangeni nabangani bakhe besifazane ababilili ngemuva kokuzwa le nyanga izishaya isifuba emsakazweni Ukhozi FM, ithi igwilikisa abantu abanamabhizinisi.

“Ngizondla ngokudayisa izingubo zokugqoka. Saya emzini wenyanga ngoNovemba 4, safika ingekho sase siyilinda. Yathi ukuze isisize kufanele sikhokhe uR15 800 umuntu ngamunye.

“Ngenxa yokuthi sasingenayo leyo mali, yathi masibambise ngemoto yami engangizoyilanda uma sesithole imali eyayiyifuna. Yathatha i-log book yami ithi izoyibika ngayo imoto emsamo.”

Uthe inyanga yambizela eceleni lapho ihlolela khona, yambuza imibuzo ngaye.

“Yangibuza umyeni, ngathi uma ngiyitshela ukuthi sewashona, yangisabisa ngokuthi ngizofa maduze ngoba umyeni wami ufuna ukungilanda. Yathi izongisiza ngomuthi okumele iwugcobe ebuntwini bayo bese iphinda igcoba isitho sami sangasese sihlangane ukuze kuzosuka ithunzi lomyeni wami."

Umgilwa uthe wadideka ikhanda wagcina esevuma engaqondile.

“Ngaya endlini alala kuyo lo baba, wafike wangidlwengula engagqoke ngisho ikhondomu.

"Akuphelanga nemizuzu ewu-7, wachama maqede wageza umphambili wakhe ngamanzi, wabe esewusula ngethawula, maqede wangiphonsela lona ukuba nami ngizisule.”

OLUNYE UDABA:Ibulawe nezigebengu inyanga ebidume ngekhanda eMafakantini

Uthe le nyanga iphinde yamdlwengula kwaze kwaba kabili izinsuku zilandelana futhi seyimgoyise ekamelweni layo.

Abangani bakhe babuyela emuva ngetekisi.

“Ngezintathakusa zangoLwesibili, le nyanga yathi angivuke ngoba kukhona abazongihambisa ekhaya ngoba sengilaphekile futhi yanginikeza isigubhu eyathi ngizosifaka uju nomuthi eyathi ngizowugcoba kuR1000 engangizowufaka kwi-account yami yasebhange ukuze ngithole itshe lemali.”

Uthe wafika kwakhe wakwenza konke, kodwa uma kuphela izinsuku eziyisikhombisa kungenzeki lutho, waqala ukufonela inyanga.

Umgilwa uthi uqhubekile nokuzama ukuxhumana nenyanga kodwa yangabe isayingena indaba yakhe, yamsabisa.

“Ngigcine ngithola ongiyale ngokuthi mangiyoyivulela icala ngoba ibingasafuni nokubuyisa imoto yami.

“Ngizwe kuthiwa imoto isiyibiza ngomsizi wayo futhi seyikhangisa ngayo,” kuzikhalela umgilwa.

Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal uLieutenant Colonel Thulani Zwane ukuqinisekisile ukuthi likhona icala lokudlwengula elivulelwe inyanga esiteshini samaphoyisa eNgwavuma.

“Okwamanje akukaboshwa muntu.”

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 4-23°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...