Uyakhala obecabanga ukuthi uthole umaqondana kanti udlisiwe

2017-07-11 16:00

Johannesburg - UThomas Sebopela, 60, waseRabie Ridge, eKurhuleni ukhihla esikaNandi ngowesimame amthola eswele indawo yokuhlala.

USebopela uthi wasiza le ntokazi ngendawo yokuhlala emkhukhwini wakhe wathi uzoyinika nomsebenzi wokuthi imgadele izingane zakhe ngoba ushayela amaloli ngakho-ke uhlezi engekho isikhathi esiningi.

“Wayengundingasithebeni kodwa futhi emuhle, ngahluleka wukuzibamba ngamfaka endlini yami. Ngase nginothando lwakhe futhi akubanga nzima ukumsondeza eduze kwami," echaz.

USebopela uthi ngemuva kokuba baye ocansini, wahluleka wukuzibamba ebona ukuthi usemthanda ngempela lo wesimame.

Uthi konke kwakuhamba kahle kwaze kwaba wukuthi ubona lo wesimame ephethe umuthi.

Uthi wabona lesi sithandwa sakhe sifaka okuthile ngezansi waxakeka ukuthi yini le esiyifakayo.

OLUNYE UDABA:Indoda yalaxaza umkayo ichazwa ucansi lukamamezala

Wathatha leli bhodlela lomuthi waya nalo esangomeni nokuyilapho athola khona abengakulindele.

“Isangoma sangitshela ukuthi lapha ebhodleni kuxutshwe imithi eyenza owesilisa akhiphe yonke imali futhi adonswe ngekhala,” kusho yena.

Uthi akuphelanga sikhathi esanda kuthola lo muthi isithandwa sakhe sanyamalala nezinye izimpahla zakhe engekho.

Uthi konke lokhu kumphula umoya futhi kuyamdida ngoba ubesenzela yonke into isithandwa sakhe, kubika iDaily Sun.

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Haze. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 20-24°C Morning clouds. Mild. PE: 14-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...