Uxoshiwe unesi okhulume kabi ngonkosikazi kaZuma ezinkundleni zokuxhumana

2017-03-07 18:08

Johannesburg - Umhlengikazi owesebenzela esibhedlela iNetcare Linksfield uxoshiwe emsebenzini kulandela ukuhlambalaza umengameli nowakwakhe ezinkundleni zokuxhumana.

Lo mhlengikazi uCarmen Hartmann uthe uMengameli Jacob Zuma uyisiphoxi ezweni lonkana futhi ufisa sengathi ngabe uyena olele esibhedlela ngenxa yesifo senhliziyo.

Kuthiwa uHartmann ubhale ukuthi:"UNkosikazi kaZuma wesine ungeniswe esibhedlela ukuzokwenza i-plastic surgery. Ufike lapha elandelwa yizimoto eziyishumi zikanokusho kukhona nezamaphoyisa wathushuka lapha esibhedlela ephazamisa iziguli ezikhokhayo nabazobona izihlobo zabo.

"Iyanginyanyisa le nto yokuthi yithina esikhokhela umkakhe nezingane zakhe, kungani imali yentela yabantu bakuleli ingasetshenziswa ngendlela. UZuma uyisiphoxi ngabe uyena olele lapha enesifo senhliziyo."

UHartmann ubuye waveza nezizathu zokuthi kungani unkosikazi kaMengameli esesibhedlela.

Ngokubika kwe-Sowetan, kuthiwa isenzo salo mhlengikazi asihambisani nemigomo yokusebenza kwalesi sibhedlela.

OLUNYE UDABA:Uhlafuna ejeqeza umhlengikazi ozingelwa izinkabi

Ngokwemigomo yabasebenzi bezempilo, abasebenzi abavumelekile ukudalula imininingwane yeziguli ngaphandle kwemvume yeziguli.

Yize lo mhlengikazi eyisusile imibhalo yakhe ezinkundleni, kubonaka sengathi usindwe yizinyawo ngoba ibisivele icashunwe ngabathile abasheshayo.

Kuthiwa lo mhlengikazi akaphulanga kuphela imigomo yokusebenza, kodwa uphule nemithetho abasebenza ngaphansi kwayo kanye nemithetho yenkampani ayisebenzelayo.

Umphathi jikelele wakwa-Netcare UDkt Richard Friedland, ubhale incwadi yokuxolisa kumengameli kanye nakumkakhe ngokuhlanjalazwa ngale ndlela ngomunye wezisebenzi zakhe.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-17°C Sunny. Cool. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-17°C Sunny. Mild. Bloem: -2-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-20°C Morning clouds. Cool. PE: 7-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...