Uxolisile owe-email yakwaMiWay eyayibiza abamnyama ngezimfene

2017-07-29 08:40

Johannesburg - Uxolisile owesilisa owayeyikhasimende lenkampani yomshwalense, iMiWay ngokubhala aphinde asabalalise umyalezo nge-email owawubiza amakhasimende abantu bebala elimnyama ngezimfene.

"Ngifunde isifundo ngobungozi bezinkundla zokuxhumana uma zisetshenziswe ngendlela engafanelekile, ikakhulukazi eNingizimu Afrika," kusho uMondli Madlala esitatimendeni esikhishwe yinkampani.

OLUNYE UDABA:Asabisa ngokunqamula umshwalense amakhasimende acikwe yisikhango ‘esicwasayo’

"Okunye engikubonile wukuthi ngifake abasebenzi bale nkampani ababili engozini kanti ngizimisele ngokuhlangana nabo ngiyozixolisela kubo ubuso nobuso," uzwakale esho njalo.

UMadlala wabhala i-email wayenza sengathi iphuma komunye wabasebenzi bakwaMiWay.

Le email yayifundeka kanje: "Lesi yisikhumbuzo somhlangano wayizolo wazimenenja. Isinqumo sokugcina sibe wukuthi kugcine ngomhlaka-1 Agasti 2017 ukuthi abantu abamnyama abangu-90% baphasiselwe izicelo zabo.

"Kulula ukudlala ngabo futhi kuyithuba elihle lokonga imali nokujezisa lezi zimfene."

La ma-email avusa enkulu imvunge ezinkundleni zokuxhumana, amanye amakhasimende agcina ngokuhoxisa ubulungu bawo nale nkampani yemishwalense.

 -NEWS24

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-31°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-28°C Afternoon clouds. Warm. Bloem: 17-29°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 21-30°C Sunny. Warm. PE: 18-27°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...