Uxolisile owe-ANC owathuka owe-DA ePhalamende

2017-02-17 07:01

Cape Town - UNdunankulu waseNorth West, uSupra Mahumapelo, ubhalele uSomlomo wePhalamende, uBaleka Mbete incwadi exolisa kuSotswebhu weDemocratic Alliance (DA), uJohn Steenhuisen ngoLwesine.

UMbete ufunde le ncwadi ngaphambi kwamaLungu ePhalamende okuthe uma eqeda ukuyifunda ashaya ihlombe.

Encwadini uNdunankulu uxolisele ukuthathela izinto phezulu ngesikhathi "exabana" noSotswebhu we-DA. 

OLUNYE UDABA:Video: Buka amalunga e-EFF exoshwa ePhalamende

Uthe isenzo sakhe asithetheleleki, ngokukhulu ukuzithoba uyaxolisa.

"Sithole incwadi evela kumhlonishwa uMhumapelo ongundunankulu waseNorth West.

"Undunakulu uxolisile ngokungaphumeleli kwakhe ePhalamende namuhla."

UMahumapelo wamemeza ethuka uSteenhuisen ngenhlamba enkulu ngemuva kokuba ephakamise umbono wakhe ngoMengameli Jacob Zuma emsola "ngokucekela phansi izwe", kuqhubeka inkulumo yesizwe i-State of the Nation Address ngoLwesine olwedlule.

IVIDEO:

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C Sunny. Mild. Pta: 11-21°C Broken clouds. Mild.
Jhb: 9-19°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 6-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-19°C Scattered showers. Partly cloudy. Cool. PE: 15-21°C Showers early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...