Uwine iLotto ka-R17m owaveleka ihlo ngenxa yomdlavuza

2017-08-04 18:00

Mahikeng – Indoda yaseNorth West ephethwe isifo somdlavuza onomandla, i-prostate cancer, ngonyaka odlule maqede wangabe esabona nhlobo ehlweni lakhe elilodwa kulo nyaka, isibuyelwe ithemba ngempilo ngemuva kokuwina u-R17m we-Lotto.

Ngokumbiko weNetwerk24, le mali ifika ngesikhathi esifanele impela njengoba le ndoda ithole umholo wayo wokugcina ngoJuni kulo nyaka njengoba ibingenenazo izinsuku zekhefu lokugula ezisele.

Inkampani esingethe iLotto, Ithuba, esitatimendeni ngoLwesine ithe lo mlisa owinile usebenzise u-R45 edlala, wabe eseziwinela lesi samba sika-R17m ngomhlaka-26 kuJulayi.

Le ndoda ewinile ibilokhu ibhekene nesikhathi esinzima kusukela yaqala ukuphathwa umdlavuza ngoFebhuwari wangonyaka odlule.

“Ngemuva kokuthola ukuthi nginohlobo olunamandla lwe-prostate cancer, ngazizwa sengathi impilo yami yonke isifinyelele ekugcineni,” le ndoda isho kanjalo, ngokwesitatimende.

OLUNYE UDABA:Unogada waseThekwini uhlabane no-R33m we-Lotto

“Ngaqala ukwelashwa futhi bengithemba nje ukuthi kuzokwenzeka okuhle.”

Ngomhlaka-18 kuMeyi wazalelwa yinja endlini ngenkathi ebona ngesikhathi eshayela ukuthi ihlo lakhe elilodwa alisaboni kahle. Wabona udokotela kodwa kwangaphumelela ukwelashwa, lagcina lingasaboni nhlobo iso lakhe.

Ubengasakwazi ukusebenza kanti wathola umholo wakhe wokugcina ngoJuni. Uthi bese bevele bedonsa kanzima ngokwezimali.

Ngomhlaka-26 kuJulayi kufezeke iphupho lakhe leminyaka lokuthi uzowina iLotto. Kuthe kusenjalo nodokotela waphinde wamtshela nezindaba ezimnandi zokuthi azisekho izimpawu zesifo somdlavuza. Uthi akakukholwanga lokhu kanti umuntu wokuqala amxoxela kwaba unkosikazi wakhe.

“Sobabili saqala sakhala, ngoba besingakholwa ngempela.”

Uthi uhlela ukuthi azijabulise ngale mali “kumhlalaphansi”, bese eyayitshala enye, enye ayinikeze izingane zakhe, futhi uzothengela umzukulu wakhe imoto akade ayemthembisa yona. 

- Netwerk24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-28°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...