UWalus akazange atshengise kuzisola ngokubulala 'ubaba womuzi' - Masutha

2017-11-17 14:00

Pretoria – Umbulali kaChris Hani uJanusz Walus akazange atshengise ukuzisola ngokugcwele ngokubulala lowo owayengumholi we-SACP, kusho uNgqongqoshe wezobuLungiswa uMichael Masutha ngoLwesihlanu.

Ethula izizathu zokunqabela uWalus ushwele, ngemuva kwesithangami sabezindaba ePitoli, uMasutha uthe ukunikeza uWalus ushwele kufana nokudlala ngesikhathi, ngoba "usanamagqubu" awabambile.

Lokhu kulandela isinqumo seNkantolo eNkulu yokuDluliswa kwamaCala sango-Agasti, esamnikeza izinsuku ezingu-90 ukwenza isinqumo ngalolu daba. Uthe umbiko wadokotela wezengqondo uveza ukuthi imibono yezombusazwe kaWalus "uyingozi".

OLUNYE UDABA: Indodakazi kaHani ifuna izimpendulo kowabulala uyise

UMasutha uthe umbiko uyasho ukuthi uWalus "watshengisa ukuzisola ngokuthi uyazi ukuthi izingane zesisulu azisenababa futhi unkosikazi usengumfelokazi, nokho, akaze atshengise ukuzisola ngokubulala uChris Hani, owayengumholi wamakomanisi".

UMasutha uthe umbiko utshengisa isithombe somuntu ongaboni lutho engalungile "ngokususa endleleni ikhomanisi elalingubaba nomyeni womuntu".

"Lokho kubeka ngokusobala ukuthi lo muntu akazisoli, njengoba eqhubeka nokuvikela ukuthi wabulala ikhomanisi," kusho ungqongqoshe.

UMasutha uthe isinqumo sakhe bese evele azisiwe ngaso uWalus. 

UWalus, ongowokudabuka ePolland kanye nowayeyilungu leConservative Party ePhalamende uClive Derby-Lewis, okunguye owahlinzeka ngesibhamu esasetshenziswa nguWalus ukubulala uHani, bobabili bagwetshwa isigwebo sentambo ngo-Okthoba 1993.

Izigwebo zentambo zaguqulwa zenziwa odilikajele ngoNovemba 2000.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 8-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...