Uvuvukale induku washona umfundisi 'obethandana nomfelokazi'

2017-03-07 14:03

Durban - UMfundisi uJoseph Mokaneng, 55, webandla iChristian Faith Apostolic Church eliseWestonaria ubethandana nowesimame oyilungu lebandla.

Lo wesimame ubesanda kushonewa wumyeni wakhe ngonyaka odlule ngesikhathi eqala ukuthandana nalo mfundisi.

Kuthiwa lo mfundisi wayengezwa mshini ngalo wesimame ngisho esekhuzwa ngabadala ebandleni, kubika iDaily Sun.

Ngokosiko lamaTswana, owesilisa akavumelekile ukulala nowesimame osazilile.

Umngani wakhe uJacob Moya uthi lo mfundisi wavuvukala induku yakhe ngendlela engalawuleki futhi wayehlala esezinhlungwini.

OLUNYE UDABA:Umfundisi ukhwife "isiwasho" kwasha amakholwa

“Waya kodokotela abahlukene kodwa kungekho ochazayo ngokuthi lokhu kwenziwa yini.”

Ukungalaleli kwalo mfundisi kumenze wakhokha ngempilo yakhe njengoba egcine ngokushona ngenxa yezinhlungu zokuvuvukala kwenduku yakhe.

Kuthiwa ibandla belimkhuza umfundisi ngokuthandana nalo wesimame engakagezwa nokugezwa.

Elinye ilungu laleli banda uNomalanga Stuurman uthi uJoseph wayengenazo izihlobo kule ndawo njengoba wayedabuka eLimpopo, kwadingeka ukuba kuthungathwe umndeni wakhe ukuze azongcwatshwa ngesizotha.


- Daily Sun

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-17°C Sunny. Mild. Pta: 7-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-19°C Sunny. Mild. Bloem: -3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-20°C a few showers. More sun than clouds. Cool. PE: 11-17°C Drizzle. Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...