Uvume elokuthuka inhlamba owabiza abamnyama ngezinkawu

2016-09-12 18:02

Durban - Owabiza abantu abamnyama ngezinkawu uPenny Sparrow uhlawuliswe imali engu-R5 000 noma izinyanga ezingu-12 ejele ngemuva kokuvuma icala lokuthuka inhlamba eNkantolo yeMantshi yaseScottburgh.

Ummeli kaSparrow namuhla ekuseni utshele inkantolo ukuba benze isivumelwano nombuso.

OLUNYE UDABA: Kusungulwe isikhwama sokusiza uPenny Sparrow akhokhe inhlawulo yakhe

Icala lihlehle kaningi namuhla njengoba izinhlanga zombili bezichaza ngesivumelwano.

Imantshi uVincent Hlatshwayo uyalele uSparrow ukuba axolise emphakathini aphinde abhale enkundleni yezokuxhumana iFacebook exolisa, lokhu kube yingxenye yesigwebo.

USparrow ekhala ube esexolisa enkantolo ngaphambi kokuba inkantolo ihlanze.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Sunny. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-26°C Sunny. Mild. PE: 14-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...