Uvulelwe icala lokushaya oyinhloko ye-IPID - Umbiko

2017-08-26 12:11

Johannesburg - Kubikwa ukuthi uvulelwe icala lokushaya oyinhloko ye-Independent Police Investigative Directorate (Ipid) uRobert McBride kulandela izinsolo ngesigameko esithinta ilungu lomndeni elisencane.

Amaphoyisa akuqinisekisile ukuthi kuvulwe icala lokushaya esiteshini samaphoyisa eNorwood nokuthi kuyaphenywa, kubika i-Eyewitness News.

I-Eyewitness News iphinde yabika ukuthi icala livulwe ngeSonto eledlule.

Icala livule ngemuva kwesigameko esenzeke ngeSonto kanti uMcBride kuthiwa washaya waphinde wazama ukuklinya ilungu lomndeni elisencane ngesikhathi behamba ngemoto.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe izisebenzi zikamasipala ngokukhwabanisa

Ngemuva kwesigameko, intombazanyana yafonela umngani wayo imcela ukuba azomlanda emzini kanina osePitoli.

Umama kamngani kuthiwa nguyena ummangali kuleli cala ngenxa yokuthi ingane isencane ukuba ingazivulela icala.

Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Mathapelo Peters uthe ngeke akwazi ukudalula imininingwane ngomsolwa noma ummangali kulolu daba.

- EWN

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C More sun than clouds. Cool. Pta: 13-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 13-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-29°C Afternoon clouds. Warm. PE: 14-18°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...