Uvelile unkosikazi obulale umyeni owayemhlalisa nentombi emzini wakhe

2016-12-13 14:31

Maryland - Owesimame obesebhangqwe nentombi emzini wakhe ulivumile icala lokubulala ngesihluku umyeni wakhe nentombi yakhe.

U-Ann Marie Anastasi uvume amacala amabili okubulala eNkantolo yesiFunda ese-Anne Arundel County.

La macala enziwa ngomhlaka-25 Okthoba 2015 lapho kwatholakala khona iphoyisa elineminyaka engu-40 ubudala, u-Anthony Anastasi Jr., lidindilizile linenxeba lokudutshulwa.

Eduzazne kwalo kwakunesidumbu sowesimame, uJacqueline Riggs, oneminyaka engu-25 ubudala enenxeba lokugwazwa.

OLUNYE UDABA:VIDEO: Unkosikazi ushumpule umyeni 'ojolayo' induku

Lezi zidumbu zatholakala kwi-basement yendlu abebehlala kuyo nomsolwa eLothian, eMaryland.

Ekuqaleni umsolwa watshela amaphoyisa ukuthi umyeni wakhe wazibulala, kodwa isibhamu esatholakala eduze kwesidumbu sakhe sasingahambiselani nenhlamvu eyambulala.

Abashushisi bathola ukuthi uRiggs no-Anthony babesebehlala kwi-Basement yalo muzi nonkosikazi ekhona.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-18°C Partly cloudy. Cool. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 13-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-33°C Sunny. Hot. PE: 17-25°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...