Uvelile umzukulu kaSisulu 'ngokushaya' umama wengane yakhe

2017-08-12 14:00

Johannesburg - Ngosuku okwathweswa ngalo iSekela likaNgqongqoshe weMfundo ePhakeme uMduduzi Manana, icala lokushaya kulandela ukuhlasela owesifazane, kwakulindeleke ukuba kuvele enkantolo esinye isishoshovu esaziwayo kuyo le nkantolo ngesizathu esifazanyo.

Lesi sihlabani sakumabonakude esibuye sizwakale nasemsakazweni uShaka Sisulu sivele phambi kweNkantolo yeMantshi yaseRandburg kuleli sonto ngecala lokushaya.

OLUNYE UDABA:Lithole ibheyili iPhini likaNgqongqoshe elibhekene nawokushaya

UMbuso uthe, lo mzukulu kaWalter no-Albertina Sisulu ababengamaqhawe omzabalazo usolwa ngokushaya umama wengane yakhe emzini wakhe oseMorningside, eSandton.

Imithombo emibili esondelene nophenyo ithe kwaqubuka ingxabano phakathi kwakhe nomama wengane yakhe ngenxa yemali yesondlo.

Kukholakala ukuthi uSisulu usevele kabili enkantolo kuleli sonto, eqala ukuvela bekuwuMsombuluko ngesikhathi ededelwa ngebheyili ka-R500. Icala lahlehliselwa uLwesine, ngosuku okwavela ngalo uManana enkantolo-kodwa akazange afike enkantolo, kwabe sekukhishwa incwadi egunyaza ukuthi aboshwe.

Yize kunjalo, ngoLwesihlanu wakwazi ukuchazela inkantolo ngokungabibikho kwakhe enkantolo ngayizolo. Icala libe selihlehliselwa inyanga ezayo.


 - Saturday Star

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Morning clouds. Cool. Pta: 19-30°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Jhb: 17-26°C Drizzle. Morning clouds. Warm. Bloem: 16-29°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 21-26°C Tstorms late. More clouds than sun. Mild. PE: 19-25°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...