Uvelile umlimi owagandaya ngeveni owe-EFF eN Cape

2018-04-25 19:20

Johannesburg - Uvelile enkantolo namuhla (ngoLwesithathu) umlimi ngecala lokuzama ukubulala ngezinsolo zokugandaya ngeveni ilungu le-EFF elalibalekela amaphoyisa ngesikhathi kubhikishelwa izidingo zomphakathi.

UShimmy Mosienyane, oyisekela likanobhala jikelele we-EFF ku-Ward 5 eHartswater eNorthern Cape, akasenayo imizwa onyaweni kulandela lesi sigameko, kanti uzoya kohlizwa ngoLwesine.

UFrances Thulo, unobhala jikelele wenhlangano kumasipala waseFrances Baard eKimberley, uthe ngoLwesithathu uMosienyane nomunye umuntu babezama ukubalekela amaphoyisa ayedubula ngezinhlamvu zenjoloba ngesikhathi kuqhubeka umbhikisho eHartswater ngoLwesihlanu olwedlule.

OLUNYE UDABA: Ibizwe ngekhafula intombazane, 13, ishaywa eKapa

"Ngesikhathi amaphoyisa efika, iqulu lahlakazeka. Amaphoyisa ayejikijela ababhikishi ngama-stun grenade ephinde edubula ngezinhlamvu zenjoloba," esho.

Laba bobabili babalekela epulazini, lapho okusolakala khona ukuthi batshelwa ukuthi bangene ngokungemthetho endaweni yomuntu.

"Ngesikhathi sebejika babona iveni liqonde ngqo kubona. Iveni yamushayisa, umlimi wabe esemthuka embiza ngegama eliqala ngohlamvu u-k," esho.

"UShimmy uthi wayengazizwa izinyawo zakhe engakwazi nokusukuma. Owayehamba noShimmy washayela i-ambulensi," kusho uThulo.

UMosienyane wangeniswa esibhedlela eKimberley.

"Uzohlinzwa, ulimale kabi umgogodla," kusho uThulo.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Sergio Kock uqinisekise ukuthi umsolwa, 63, owaziwa ngelikaPetrus van Niekerk, uzinikele emaphoyiseni eHartswater ngoMsombuluko wathweswa icala lokuzala ukubulala.

"Umsolwa uvelile eNkantolo yeMantshi yaseHartswater ngoLwesithathu icala lahlehliselwa uLwesine eseyofaka isicelo sebheyili.

"Umsolwa ugcinwe esitokisini. Uphenyo luyaqhubeka," kusho uKock.

 - TimesLive

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Sprinkles early. Partly cloudy. Cool. Pta: 10-25°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 9-20°C Morning clouds. Mild. Bloem: 4-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-26°C Sunny. Mild. PE: 14-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...