Uvelile umlandeli osolwa ngodlame kwesaseMoses Mabhida Stadium

2018-04-23 17:59

Durban - Owesilisa ongomunye walabo abasolwa ngokubandakanyeka odlameni olwenzeke eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo ebusuku uvelile eNkantolo yesiFunda yaseThekwini ngoMsombuluko.

UPhelelani Jojisa, usolwa ngokuba yingxenye yodlame olwaqubuka eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo ebusuku ngemuva kokuhlulwa kweKaizer Chiefs ngo 2-0 idlala neFree State Stars koweNedbank Cup.

UJojisa uvele okokuqala enkantolo ebigcwele izintatheli nezakhamuzi ezimbalwa zaseThekwini. 

Kulesi sehlakalo kuhlaselwe onogada abathathu ngesikhathi kuqubuka udlame.

OLUNYE UDABA:Kuzokwenziwa uphenyo olunzulu futhi baningi abazojeza ngokwenzeke eMabhida - Khoza

Icala likaJojisa lihlehliselwe uLwesithathu ukuze abaseshi bezoqinisekisa ikheli lakhe. Ugcinwe esitokisini esiteshini samaphoyisa aseThekwini.

Isigameko senzeke ngemuva kokuhlulwa kwaMaKhosi, abalandeli bangena enkundleni balwisana nonogada. Kube sekusabalala i-video okubonakala kuyo kukhahlelwa omunye wonogada esifubeni.

Lesi sigameko sigxekwe kakhulu kanti namaqembu ezepolitiki ahlukene afuna kuthathwe izinyathelo ezinqala.

Lesi sehlakalo kakusiso esokuqala ukwenzeka ebholeni likanobhutshuzwayo eNingizimu Afrika.

Ngonyaka odlule kwaqubuka udlame phakathi kwabalandeli beSundowns ne-Orlando Pirates kowePremier Soccer League.

Khonamanjalo, iKaizer Chiefs isimemezele ukuthi uPatrick Mabedi nguye ozothatha izintambo zokuqeqesha ikilabhu kulandela ukwesula kukaSteve Komphela.

 - Daily News

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Sprinkles early. Partly cloudy. Cool. Pta: 10-25°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 9-20°C Morning clouds. Mild. Bloem: 4-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-26°C Sunny. Mild. PE: 14-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...