Uvelile owesimame osolwa ngokubulala abafana ababili eThekwini

2017-11-14 08:03

Durban – Owesimame osolwa ngokubulala abafana ababili abaneminyaka engi-10 ubudala uvele eNkantolo kaMantshi eThekwini.

Abe-National Prosecuting Authority (NPA) esifundzweni sakwaZulu-Natal baveze lokhu ngoMsombuluko.

Okhulumela abe-NPA uNatasha Kara utshele abe News24 ukuthi u-Amahle Maliwa ubhekene namacala amabili okubulala, amabili okuthumba kanye namabili okushaya ngenhloso yokulimaza.

“Lawa macala asaphenywa kanti necala lihlehliselwe umhlaka 20 kwephezulu,”kusho yena.

Isidumnu sikaNjabulo Mankayi sitholakale ngoMsombuluko endaweni yaseGrunter Gully Canal eBayhead.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Thembeka Mbhele uthe lesi sidumbu sitholwe yisisebenzi sakwaTransnet ekuseni ngo-10.

OLUNYE UDABA: Sesitholakele isidumbu somfana wesibili obeduke nomngani eThekwini

Umndeni wakubo ufikile uzokhomba isidumbu.

Yize ubengenayo amanxiba abonakalayo, sizohlolwa isidumbu sakhe ukuze kubonakale ukuthi ulimale kanjanj.

Umngani wakhe uLuyanda Msomi yena isidumbu sakhe satholakala endaweni yaseMontclair ngoMgqibelo.

Laba bantwana kuthiwa bathunjwa ngabesimame ababili kanti oyedwa uyazana nabo.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-27°C Sunny. Warm. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...