Uvelile 'owagwaza' umfana, 13, amanxeba angaphezu kwangu-30

2017-07-13 16:01

Cape Town - Umkhulu wengane eneminyaka engu-13 ubudala eyagwazwa amanxeba angaphezu kwangu-30 uvele wakhihla isililo enkantolo ngesikhathi kuvela umsolwa ngoLwesine.

Le ngane, igama layo eligodliwe, yasinda ngesikhathi ihlaselwa kodwa isanda kuhlinzwa okwesithathu.

"Inamanxeba angu-9 okugwazwa esandleni nangu-7 kwesinye isandla," kusho umkhulu wengane.

OLUNYE UDABA:Ushaywe kabi 'ogwaze' intombi amanxeba angu-24 e-KZN

UMoheim Salie uvele phambi kweNkantolo yeMantshi yaseGoodwood ngoLwesine ngokubandakanyeka esigamekweni sokugwazwa kwale ngane, esenzeka ekuqaleni kwesonto.

Umkhulu utshele iTimesLive ukuthi uSalie waya enganeni ngesikhathi idlala ibhola nabangani bayo. USalie kusolwa ukuthi wabe eseyigwaza.

Umsolwa, 31, ubebukeka edidekile ngesikhathi evele enkantolo. Lo msolwa uzophinde avele enkantolo ngoLwesihlanu.

Umkhulu uthe umzukulu wakhe wagwazwa ngemuva emqaleni ummese "wangena wayophumela ngale".

Odokotela batshele umndeni ukuthi bakhathazeke kakhulu ngokuthi imisipha yengane yasezandleni kuzofanele ihlanganiswe. 

Ngokusho kwamaphoyisa uSalie wathatha iselula yale ngane.

 - TimesLIVE

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C a few showers. Partly cloudy. Cool. Pta: 20-30°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-23°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 13-26°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-25°C Rain showers. Cloudy. Mild. PE: 14-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...