Uvelile 'owabulala isoka wafihla isidumbu ngemuva kwasofa'

2017-03-14 11:03

Pietermaritzburg - Uvele eNkantolo yeMantshi yaseCamperdown owesifazane oneminyaka engu-38 ubudala izolo (ngoMsombuluko) ngecala lokubulala isoka lakhe, kubika iHighway Mail.

Kusolwa ukuthi lezi zithandani zaseNchanga zaba nengxabano ngoLwesine lwangomhlaka-9 Mashi.

OLUNYE UDABA: Owesifazane ubulale isoka ngesambulela

Owamaphoyisa asePinetown uCaptain Bongumusa Manqele uthe: "Kusolwa ukuthi lo wesifazane wasebenzisa i-acid ukubulala isoka lakhe.

"Kusolwa ukuthi isidumbu wasifihla ngemuva kwasofa," usho njalo.

Lo wesifazane uboshwe ngoLwesihlanu lwangomhlaka-10 Mashi.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-15°C Rain early. Morning clouds. Cool. Pta: 5-21°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 6-17°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 4-17°C Passing showers. More clouds than sun. Refreshingly cool.
Dbn: 15-26°C Sunny. Mild. PE: 12-18°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...