UVavi uthi izinyunyana azisawenzi umsebenzi obekelwe zona

2017-03-26 13:30

Johannesburg - OwayenguNobhala jikelele weCosatu uZwelinzima Vavi ukhwele wadilika kuzinyunyana ngokungawenzi umsebenzi ngendlela, kubika i-EWN.

UVavi ugxeke izinyunyana ngokuthi zilibelwe wuqhekeko lwe-ANC mayelana nomholi okufanele ukuba athathe izintambo kuMengameli uJacob Zuma.

UVavi usho lokhu nesikhathi esanda kubhalisa ngokusemthethweni inyunyana yakhe entsha i-South African Federation of Trade Unions (Saftu) noMnyango wezaBasebenzi ngoLwesithathu.

OLUNYE UDABA:UVavi usephinde waxolisa ngokusiza kuketulwe uMbeki

UVavi uthi iSaftu ihlose ukugcwalisa isikhala esishiywe yi-ANC ngokuhluleka ukubhekana nezinkinga zobubha, ukungalingani kanye nokungabibikho kwemisebenzi.

“Izinhlangano i-ANC, SACP, uPhiko Lwentsha kanye noPhiko lwabeSimame zonke zihlulekile ukudlala indima yazo njengoba zazenza ekuqaleni. Ngeke sithi ngoba nakhu senza iphutha ngo-2007 kumele sifele lelo phutha kuze kube wunaphakade,” kusho uVavi.

- EWN

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C Sunny. Mild. Pta: 12-22°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 9-19°C Morning clouds. Mild. Bloem: 6-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-19°C Scattered showers. Afternoon clouds. Cool. PE: 16-21°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...