Uvalo emndenini kaThembisile Yende kulandela ukudedelwa komsolwa

2017-12-14 16:01

Johannesburg - Umama kaThembisile Yende owayesebenza kwa-Eskom, usabela umndeni wakhe ngemuva kokuzwa ukuthi umsolwa udedelwe ngebheyili.

Ummeli uZola Majavu udalule kwabephephabhuku iDrum ukuthi uDavid Ngwenya udedelwe ngebheyili yemali engu-R15 000 eNkantolo yeMantshi yaseSprings ngoLwesine.

UNgwenya waboshwa ngomhlaka-15 Juni wanqatshelwa ibheyili eqala ukuvela enkantolo ngomhlaka-18 Juni.

OLUNYE UDABA:Uyavela osolwa ngokubulala uThembisile Yende

UNgwenya, 43, naye osebenza kwa-Eskom usolwa ngokujova uYende ngomjovo othile ngaphambi kokumshaya ngensimbi ekhanda waphinde wamklinya ngesikhathi belwisana naye.

Kusolwa ukuthi wambulala ngemuva kokuba esole ukuthi uYende uzomumpimpa ngokubandakanyeka ebugebengwini bokweba i-copper.

UYende, 29, waduka ngomhlaka-17 Meyi nonyaka. Isidumbu sakhe satholakala ehhovisi lakwa-Eskom eSprings, etholwa ngabanye abasebenzi ngemuva kokuzwakala kwephunga elibi sekuphele isikhathi esingaphezu kwesonto kubikwe ukuthi udukile.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 21-33°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 19-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-29°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 21-27°C Morning clouds. Mild. PE: 23-27°C Morning clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...