UTwitter uphawula ngodaba 'lokusetshenziswa komuthi' kwiPirates

2017-11-30 12:30

Johannesburg - Incwadi yomdlali webhola lezinyawo uTeko Modise, iThe Curse of Teko Modise, iphume ngoLwesibili ebusuku kanti okuphakathi kuyashaqisa.

Okunye kokubhalwe kule ncwadi okushiwo yilo mdlalo owayegijima kwiBhakabhaka wukuthi le kilabhu yayisebenzisa umuthi ukunqoba imidlalo. 

Lesi sihlabani saseSoweto sidalule ukuthi abanye abadlali babengazizwa kahle ngokusebenzisa umuthi ngoba babekholwa, kodwa konke kwakwenziwa njengekilabhu ngakho kwakungekho ukunqaba.

OLUNYE UDABA:Kuyiphupho lami ukudlala noYeye - Teko Modise

Njengenjwayelo, inkundla yezokuxhumana iTwitter imudle yamfela lo mdlali.

Iningi alikholelwa ekutheni uModise bekufanele adalule izimfihlo zeqembu ngale ndlela.

Abanye abalandeli bagcone amaBhakahaka ngokusebenzisa umuthi aphinde ahlulwe emidlalweni.

UModise, 34, owaklonyeliswa ngezindondo ezimbili zePremier Soccer League player of the year esakwi-Orlando Pirates, uthe akasibonanga isidingo sokungayidaluli indaba yomuthi waphinde waveza nokuthi iPirates yamvalela amathuba ngesikhathi amakilabhu ase-Europe emfuna.

 - TWITTER:

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-19°C Mostly sunny. Cool. Pta: 14-26°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 12-24°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 16-25°C Rain late. More sun than clouds. Mild.
Dbn: 22-27°C Drizzle. Afternoon clouds. Warm. PE: 16-21°C Showers late. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...