UTrump ucele ukukhuluma noJacob Zuma

2017-02-13 14:31

Johannesburg – IHhovisi likaMengameli selikuqinisekisile ukuthi uMengameli waseMelika uDonald Trump ucele ukuba nomhlangano ngocingo noMengameli Jacob Zuma.

Ihhovisi likaMengameli libhale kuTwitter ukuthi kulindeleke ukuba lo mhlangano ubengoMsombuluko ntambama.

Kuzobe kungokokuqala laba baholi bekhuluma selokhu uTrump afungiswa ngoJanuwari.

OLUNYE UDABA: Uvele enkantolo uSomlomo ngokushaya imenenja

UZuma wadlulisa umyalezo wokubongela uTrump kulandela ukunqoba kwakhe ukhetho ngoNovemba, washo nokuthi uyafisa ukuba buqhubeke ubudlelwane obuphakathi kwala mazwe, ukugqugquzela ukuthula nokuphepha, ikakhulukazi ezwenikazi i-Afrika.

Khonamanjalo, kuzokhumbuleka ukuthi uMengameli waseMelika usanda kuthola ukugxekwa okukhulu kulandela ukunqabela abantu basemazweni ayisithupha - okungawamaSulumane - ukuba bangene ezweni lakhe.

Okuyisinqumo nokho inkantolo ekhethe ukusimisa ngenxa yokuthi asihambisana noMthethosisekelo wezwe.

Akucaci kahle kodwa ukuthi ngabe uhulumeni kaTrump uzobubeka eqhulwini yini ubudlelwane beMelika ne-Afrika.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Sunny. Cool. Pta: 17-28°C Mostly sunny. Warm.
Jhb: 11-23°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 10-24°C Morning clouds. Mild.
Dbn: 18-19°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 14-22°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...