Utholwe eseyisidumbu umfana, 9, oduke ngoLwesibili

2017-05-19 19:30

Johannesburg - Utholwe eseyisidumbu umfana oneminyaka engu-9 ubudala eLenesia, eningizimu yeGoli ngoLwesihlanu ngemuva kokuduka ngoLwesibili.

UConstable Kay Makhubela uthe uKeketso Mahlakwana utholwe ehlathini elingaphesheya kwesikole iLenz Public secondary eLenesia KU-EXT6.

UMakhubela uthe amalungu omphakathi abikela amaphoyisa ngokutholakala kwesidumbu.

OLUNYE UDABA:Sesitholakele isidumbu somfana 'owahlaselwa yingwena'

UMahlakwana waduka ngaphandle kwesikole samabanga aphansi iFlamingo.

Kusolwa ukuthi wabonakala ehudulwa yitekisi emhlophe ngemuva kokuphuma kwesikole.

UMakhubela akakwazanga ukuqinisekisa imbangela yokushona kukaMahlakwana, wathi usendleleni eya endaweni yesigameko.

UMakhubela uthe amaphoyisa aphenya icala lokubulala. Akukaboshwa muntu.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-24°C Sunny. Mild. Pta: 15-30°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-26°C Mostly sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-21°C Partly cloudy. Cool. PE: 11-21°C Sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...