Uthola ukwesekwa uPistorius - Umxhumanisi
2013-02-18 06:44
Johannesburg - Umsolwa obhekene necala lokubulala u-Oscar Pistorius, uthola ukwesekwa okumangalisayo okuvela kubalandeli bakhe, kusho umxhumanisi wakhe, etshela abezindaba.
UPretorius usalokhu esesitokisini samaphoyisa, kulandela ukuboshwa mayelana necala lokudububula abulale intombi yakhe uReeva Steenkamp.
UPeet
van Zyl ongumxhumanisi wakhe, ukhulume engaphandle kwesiteshi samaphoyisa eBrooklyn, wathi maningi amazwi enduduzo athunyelwa ngabalandeli bakaPistorius.
UVan
Zyl usho lokhu ekade evakashele umsolwa, wathi ukwesekwa kuqhamuka kubalandeli bakuleli laseNingizimu Afrika kanye nabangaphandle, emhlabeni jikelele.
Uthi ukuvakasha kwakhe bekumayelana nekusasa likaPistorius kezokugijima, wathi akuhlangane namacala abhekene nawo.
Uthe angeke aphawule lutho mayelana nesimo somsolwa.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).