Uthole ibheyili osolwa ngokubulala umfana kubhikishwa

2017-10-19 12:31

Lichtenburg – Owesilisa osolwa ngokudubula abulale uJoseph Tshukudu, 15, eLichtenburg, eNorth West, unikezwe ibheyili yiNkantolo yeMantshi yaseLichtenburg ngoLwesine.

"Ngemuva kokubheka zonke izinhlangothi, inkantolo inqume ukuthi ngenxa yobulungiswa umsolwa kumele adedelwe ngebheyili," kusho iMantshi uMotlhopha Diale. UJaco Du Plooy ube esenikezwa ibheyili ka-R20 000.

Ubekwe icala lokubulala namabili okuzama ukubulala.

Egcina ukuvela enkantolo, uDu Plooy wathi encwadini efungelwe eyafundwa ngummeli wakhe uPeet du Plessis: "Anginacala...angiyena umuntu oyisidlamlilo."

OLUNYE UDABA: Uzinikele emaphoyiseni owesilisa obulale umfana kubhikishwa

UDu Plooy wathi uTshukudu wayeyingxenye yequlu elalisabisa ngokubabulala.

Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Sabata Mokgwabone uthi ngomhlaka-10 Okthoba owesilisa owayehamba ngemoto emhlophe, waphuma kuyo wabe esevulela ngenhlamvu ebhekise esixukwini esasibhikisha.

UCaptain Ratane Monyai, owethula ubufakazi enkantolo, watshela inkantolo ukuthi uDu Plooy wabaleka endaweni yesigameko ngemuva kokubona umonakalo ayesewenzile.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-18°C Numerous showers. More clouds than sun. Mild.
Jhb: 11-15°C Rain showers. High level clouds. Cool. Bloem: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C Passing showers. Morning clouds. Cool. PE: 13-18°C a few showers. Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...