Utholakale ezilengise esihlahleni umkhulu oshise umkakhe nomuzi

2017-09-12 16:00

Johannesburg - Umkhulu oneminyaka engu-75 ubudala ushise unkosikazi wakhe waba ngumlotha ngaphambi kokuzubulala eBolobedu ngaphandle kwaseTzaneen, eLimpopo.

Okhulumela amaphoyisa aseLimpopo, uColonel Moetshe Ngoepe, uthe isigameko senzeke izolo ebusuku eMadibeng Village.

"Kusolwa ukuthi lezi zithandani zibe nengxabano, umkhulu wagcina eseshaya unkosikazi wakhe.

"Ngesikhathi kuqhubeka ingxabano, lo mkhulu ukhiyele unkosikazi ngaphakathi endlini wabe eseyokhela ngomlilo ngaphambi kokubaleka endaweni yesigameko," kusho uNgoepe.

OLUNYE UDABA:Ubulale umkakhe ngoba embize ‘ngomfana ongasokiwe’

UNgoepe uthe amalungu omndeni azamile ukubhula umlilo.

"Ngeshwa, unkosikazi ubeseshe wangqongqa, washona ujuqu."

UNgoepe uthe lo mkhulu uzilengise esihlahleni ehlathini eliseduzane.

Amagama alezi zithandani ngu-Elizabeth no-Albert Lenexa.

UNgoepe uthe imbangela yengxabano ayikaziwa namanje uphenyo lusaqhubeka. 



- Daily Sun

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Haze. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 20-24°C Morning clouds. Mild. PE: 14-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...