Utholakale eseshonile otshele abangani ukuthi uzozibulala

2017-03-01 07:07

Johannesburg – Oweslisa obalelwa eminyakeni eko-20 ubudala utholakale eseshonile esigamekweni okusolakala kuso ukuthi uzibulele, kuLogan Street, eBryanston, eGoli.

Abezimo eziphuthumayo bakwa-ER24 bathi bathintwe ngamaphoyisa mayelana nalesi sigameko ngabo-17:00 ngoMsombuluko.

Ekhuluma neSandton Chronicle, lowo okhulumela i-ER24 u-Annine Dormehl uthe: “Abosizo lokuqala bafike endaweni yesigameko bathola owesilisa enenxeba lokuzidubula ekhanda.

“Utholakale edindilizile onqenqemeni lomgwaqo kunesibhamu eceleni kwakhe.”

OLUNYE UDABA: Uzibulele obesaba induku kanina

Uthi ngeshwa bekungekho okungenziwa ukusindisa impilo yakhe, wabe esehlonzwa njengoshonile khona endaweni yesehlakalo.

UDormehl uthe le ndoda kuthiwa ike yabatshela abangani bayo ukuthi ihlela ukuzibulala ngaphambi kokuba itholakale isishonile emgwaqeni.

Akucacanga-ke ukuthi yini inhloso yokuzibulala kwayo.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 20-27°C Sunny. Pleasantly warm. Pta: 11-24°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 8-20°C Morning clouds. Mild. Bloem: 7-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 16-26°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...