Uthishanhloko wasenkulisa uhlabane nePowerball ka-R36-million

2018-04-18 16:00

Lowo ohlabane nePowerball ka-R36 million uthi ukwazi kahle kuthi kunjani ukusebenzela umphakathi nokuphila ngokuxhaswa yizinhlangano ukuze leyo miklamo iphumelele.

"Kungumuzwa omnandi manje ngoba nami sengizobuyela ngasohlangothini lokuthi kube yimi onikelayo," kusho lo thishanhloko wasenkulisa.

Lo wesifazane waseGauteng wawina iPowerball ngo-Ephreli ngemuva kokudlala i-quick pick ka-R30.

OLUNYE UDABA: OwaseBergville ube yingxenye yabawine iLotto - Umbiko

"Angikholwanga ngesikhathi indodana yami ingitshela ukuthi ngibambe iPowerball ngoba yiyo eyayibheka izinombolo eziwinile kumabonakude. Yavele yawa phansi ngamadolo yamemeza yathi 'siwinile!'," esho.

Lo wesifazane unguthishanhloko wasenkulisa futhi unebhizinisi aluqhubayo emphakathini.

Uthi isifiso sakhe wukuba nomuzi omuhle osendaweni engenamsindo, esho etshela inkampani ebhekelele ukusebenza kweNational Lottery, Ithuba.

Lo wesifazane, osephenduke usozigidi ngokuphazima kweso, uthi ngaphandle kokuzithuthukisa yena, uhlela ukuzipholela nabangani nomndeni athokozele ukuthula nokuthula emoyeni okuza nenkululeko yokuba nemali.


- Times Live

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Partly cloudy. Cool. PE: 10-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...