‘Uthishanhloko uvumela izikhali esikoleni'

2016-09-27 07:56

Johannesburg - Umama womfundi oneminyaka engu-18 ubudala osinde kukubi ngesikhathi ehlaselwa ngozakwabo ngasekuqaleni kwenyanga  akeneme ngendlela isikole esisingethe ngalo lolu daba.

Owesifazane waseMlazi, eningizimu yeTheku, utshele iDaily Sun ukuthi ubeye emhlanganweni ngoMgqibelo.

“Uthishanhloko ungitshele ukuthi uyazi ngama-gloves anezinsimbi okuhlaselwe ngawo indodana yami. Abazali babafundi abashaye indodana yami bacela uthishanhloko ukuba abavumele bawagqoke ukuze bazivikele ezigebengwini.”

“Angiqondi ukuthi kungani uthishanhloko evumela into eyingozi kanjena ingene esangweni. Yona lento okuthiwa bazivikela ngayo bayisebenzisele ukuhlasela indodana yami,” kusho umama odiniwe.”

Funda nalolu daba: Iphoyisa lesimame libhekene nokweba impahla

“UMnyango uyenzela phansi indodana yami njengoba ingakaze ibuyele esikole namanje, kodwa abahlaseli bayaqhubeka nokufunda.”

Umfana kuthiwa wahlaselwa abafundi abahlanu ngaphandle kwesango lesikole.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo uSicelo Khuzwayo uthe: “Sicela umama ukuba abuyisele indodana yakhe esikoleni. Abafundi abathintekayo baqondiswa izigwegwe kanti siyethemba ukuthi bafunda isifundo.”

ULieutenant-Colonel Shooz Magudulela uthe kuvulwe icala lokushaya eBayview.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Showers late. Partly cloudy. Mild. Pta: 10-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-21°C Sunny. Mild. Bloem: 4-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 13-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...