Uthishanhloko ‘uphoqe’ abafundi ukuba babikele abazali ukuthi bayizitabane

2017-03-08 18:03

Johannesburg – Kusuke umsindo esikoleni somntakabani esiseMdantsane ngemuva kokuthi uthishanhloko eyalele amantombazane angu-38 ukuba ahlambuluke kubazali bawo asho ukuthi ayizitabane.

Uthishanhloko wasoLwazi High School, uNomampondomise Kosani, ubizele la mantombazane phambi kwabazali bawo wawaphoqa ukuba aphumele obala akhombe izintombi zawo.

La mantombazane aneminyaka ephakathi kuka-14 no-18 ubudala, kubika iDaily Dispatch.

UKosani kuthiwa waqale wabiza la mantombazane angu-38 ngemuva kokuthola amantombazane amabili eqabulana endlini yangasese.

OLUNYE UDABA: Induna yaKwaNgcolosi ikhombe indlela izitabane

Wabe esewagodukisa nezincwadi eziveza ukuthi kumele abuye nabazali.

Abanye abazali batshengise ukushaqeka kulandela lesi sigameko, kanti abanye bathe izingane zabo zinelungelo lokuzikhethela impilo ezifuna ukuyiphila.

Eminye imibiko iveza ukuthi abanye abazali bathe “bazoziqondisa” izingane zabo uma kunesidingo.

UKosani ethintwa, unqabile ukuphawula wathi indlela abhekana ngayo nezinkinga esikoleni sakhe akudokwe ligayelwe abezindaba.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo e-Eastern Cape uMalibongwe Mtima uthe: “Abatholakala benecala bazobhekana nentukuthelo yoMnyango ngoba uMthethosisekelo awukuvumeli ukucwaswa kwabantu."

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-14°C Numerous showers. More sun than clouds. Cool. Pta: 7-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 5-22°C Sunny. Mild. Bloem: 3-14°C Mostly sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 14-22°C More sun than clouds. Refreshingly cool. PE: 12-16°C Showers late. Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...