"Uthisha ugwaze umfundi"

2016-10-28 17:59

Durban - Ngezithuba zabo-14:35 namuhla amalungu eReaction Unit South Africa aphuthume esikoleni samabanga aphansi esiseVerulam eThekwini ngemuva kokuthola umbiko ngengane ebigwazwa nguthisha.

Ngesikhathi befika endaweni yesigameko bafice umfana oneminyaka engu-7 ubudala ehlezi ehhovisi lesikole.

OLUNYE UDABA: Amaphoyisa asebophe obegada ingane ngokuthunjwa kwayo

Umama wayo echaza uthe umfana wakhe owenza uGrade 1 kulesi sikole ulinyazwe nguthisha ekhanda ngoba ebengenzi kahle ezifundweni zakhe. Le ngane ibiphethe ipeni lomsizi esandleni izilimaze ngalo endlebeni laze laphuka.

Othisha esikoleni bathe kungenzeka ukuthi le ngane igwazwe omunye umfundi kodwa yize kunjalo lokho akuzange kuqinisekiswe.

Ngesikhathi ihlolwa kutholwe umsizi omncane endlebeni obuhlephukele kuyo.

Le ngane ibe isiphuthunyiswa kudokotela iyokhishwa lo msizi.

 - iDurban

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Partly cloudy. Cool. PE: 10-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...