Uthi waqolwa usomabhizinisi wendawo owawina iLotto

2017-02-11 12:02

kwaNdengezi - UTemba Dembo, 55, wakwaNdengezi usola usomabhizinisi wendawo ngokumqola ithikithi lakhe leLotto.

UDembo usola uSbu Ngubane ngokumqola njengoba esevele wagwilika kulandela ukumthathela ithikithi lakhe.

Lo mlisa oseze washaywa yisifo sohlangothi ngenxa yokukhathazeka njalo uma ecabanga ngo-R5 million wakhe awuwina.

UDembo uthi ukukhumbula kahle okwenzeka ngonyaka ka-2008 ngesikhathi ethenga ithikithi lakhe esitolo esasibizwa nge-Checkout kwaMamdekazi eMariannhill ngoMgqibelo, kwathi ngeSonto iphephandaba laveza ukuthi ngempela izinombolo zakhe ziwinile.

Lo mlisa uthi ngemuva kokuthi yena, umndeni wakhe kanye nabangani baqinisekise ukuthi ithikithi lakhe ilona ngempela eliwinile, walinikeza uNgubane ukuze amcushise ukuthi kumele ayithole kanjani imali yakhe.

Uthi lokhu kwaba wukuqala kwezinsizi zakhe njengoba esola uNgubane ngokumxhopha ngoba ethi wabuya esemtshela ukuthi akawinanga.

“Ithikithi lami ngalikhombisa abantu abaningi ngoba ngangijabule kakhulu ngase ngilinika uNgubane owathembisa ukuthi uzongihambisela eminyangweni efanele. Wabuya esethi kuthiwe aziphumanga izinombolo zami,”kusho uDembo.

OLUNYE UDABA:Namanje akakangcwatshwa owawina iLotto e-KZN

Lo baba wezwe sekuthiwa uNgubane usethenge amatekisi namabhasi wavusa nezitolo nokwamenza wasola ukuthi konke lokhu ukuthenge ngemali yakhe.

Omunye womakhelwane ocele abeSolezwe bangalidaluli igama lakhe uthi naye wazibonele ngawakhe ithikithi likaDimbo uthi uyafisa oKlebe namaphoyisa benze ubuntu balulungise loludaba esaphila uDembo.

Ngesikhathi leli phephandaba lixhumana noNgubane, uthe uyafisa igamalakhe ligezeke ngoba usedume kabi endaweni.

“Angiyazi lento iqhamukabi ngoba ngambuza nalo baba waphika. Kukhona abantu abangofakazi bami ngiyafisa luphenywe lolu daba ukuze kugezeke igama lami,”kusho yena.

Unkosikazi kaNgubani u-Ethel Ngubane uthe umyeni wakhe ungumuntu onesihluku futhi ongenza noma yini ukuthola imali kanye nodumo.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-16°C Sunny. Cool. Pta: 7-22°C Sunny. Refreshingly cool.
Jhb: 4-20°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 3-19°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 15-23°C Sunny. Mild. PE: 11-18°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...