Uthi uzovota ngokukanembeza wakhe uGordhan

2017-08-01 09:33

Johannesburg – Lowo owayenguNgqongqoshe weziMali uPravin Gordhan uthi izwe kumele lilinde libone ukuthi kuzokwenzakalani ngesonto elizayo, wathi kubukeka sengathi amaqembu aphikisayo azimisele ngokufaka isicelo sokubuyekeza isinqumo sikaSomlomo wePhalamende uma singahambisani nabo.

Engxoxweni abenayo ne-Eyewitness News, uGordhan uthe uzobe ekhona ePhalamende ngesonto elizayo ukuzovota ngoba yilokho akhokhelwa ukuba akwenze.

Eminye imibiko ithi uGordhan ngelinye lamaLungu ePhalamende okungenzeka avotele ukuba uZuma aphume esikhundleni kulandela ukuxoshwa kwakhe ngasekuqaleni konyaka.

OLUNYE UDABA: Kuphinde kwadutshulwa abanye abantu ehostela eKZN

UGordhan usephinde wagcizelela ukuthi uzovota ngokonembeza wakhe ngesonto elizayo esiphakamisweni sokungethenjwa kobuholi bukaMengameli Jacob Zuma.

Kodwa uphinde wakugcizelela ukuthi uzolinda abone ukuthi kwenzekalani ngaphambi kokuthatha isinqumo.

USomlomo wePhalamende uBaleka Mbete ubengakasikhiphi isinqumo sakhe mayelana nendlela okuzovotwa ngayo ngesonto elizayo. 

- EWN

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-28°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...