Uthi uzokwakhela umndeni wakhe umuzi obambe iLotto ka-R25 million

2017-09-04 18:01

Johannesburg - Owesifazane waseGauteng oneminyaka ebalelwa kweko-50 ubudala uwine iLotto yemali engu-R25 million.

Lo wesifazane wathenga ithikithi lika-R20 kanti izinombolo eziwiniwe, zimenyezelwe ngomhlaka-23 Agasti.

Lo mama, igama lakhe eligodliwe, uvumile ukuthi uyazifela ngokuchitha imali kodwa ufuna ukwakhela umndeni wakhe umuzi omkhulu kuqala.

"Abazukulu bami bazoba negceke elikhulu abazokwazi ukudlala kulo bakhule," usho njalo.

OLUNYE UDABA:Unogada waseThekwini uhlabane no-R33m we-Lotto

"Ngendlela impilo yami ibiyiyo bengingajabulela ngisho ukuwina izinkulungwane ezimbalwa zamarandi ngiphinde ngikwazi ukushintsha impilo yami.

"Kodwa ukuwina imali engu-R25 million kusho lukhulu, ngizokwazi ukwakhela umndeni wami umuzi ngiphinde ngikwazi ukushiyela isizukulwane sesizukulwane ifa," usho njalo.

"Akukholakali ukuthi ngiwine iLotto, angikaze ngiphuphe ngisho ngilele ukuthi ngiyoke ngiwina imali engu-R25 million," esho.

AbeThuba Holdings, okuyinkampani eyongamele iLotto, bathe bazokweluleka lo mama ngokuphatha imali ngendlela.


- Sowetan Live

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Rain showers. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. High level clouds. Mild. Bloem: 13-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...