Uthi akanayo inkohlakalo uDe Lille

2018-02-09 14:05

Cape Town – IMeya yaseKapa uPatricia de Lille uthi akanankinga ngokuba amaphoyisa enze uphenyo ngezinsolo zokuthi wafuna ukugwazelwa ngo-R5 million.

IDemocratic Alliance (DA) yavulela uDe Lille icala ngesonto eledlule.

Icala limayelana nezinsolo ezenziwe ngusomabhizinisi waseGauteng.

UDe Lille uthi indlela aphathwa ngayo ayiyinhle neze futhi yena akaze amukele ntshontsho lamuntu.

OLUNYE UDABA: 'IPhalamende linamandla okukhipha uZuma'

Kuthiwa uDe Lille wafuna ukugwazelwa ukuze ezogunyaza ukuba ithenda yokuhlinzeka ngezinto zokucima umlilo inikezwe usomabhizinisi waseGauteng.

Imeya itshele i-EWN ukuthi izosebenzisana ngokugcwele nabomthetho kunoma yiluphi uphenyo olwenziwayo ngayo.

Uthi lokhu kungukuxhaphaza izinsiza zomthetho ngenhloso yokwenza ukuba abukeke njengomuntu onenkohlakalo.

“Impilo yami yonke ngilwisana nenkohlakalo kuleli lizwe, futhi ngingasho ngokungananazi ukuthi anginayo inkohlakalo.”

- EWN

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-31°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-28°C Afternoon clouds. Warm. Bloem: 17-29°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 21-30°C Sunny. Warm. PE: 18-27°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...