Uthenjiswe umshado ebandleni owayengumahosha

2016-05-16 18:30

Durban – Uthenjiswe umshado owesifazane oke wadayisa ngomzimba ngemuva kokukhethwa ngumzalwane waseJesus Dominion International, okuyibandla likaTim Omotoso, elizinze eThekwini.

UVera Qwesha uthi uthenjiswe umshado nguSakhi Manona obeyisigebengu esaziwa iNingizimu Afrika yonke ngokubamba inkunzi amabhange, kubika iLANGA.

Uthi uManona wahlangana no-Omotoso, onelinye igatsha ePort Elizabeth, ngesikhathi lo mfundisi eyoshumayela ejele wase eyaphenduka ekhetha iNkosi uJesu.

OLUNYE UDABA: UPearl Modiadie uthenjiswe umshado

Wabe esededelwa ngemuva kweminyaka emibili yesigwebo sakhe, waya esontweni wathuka uma ebona uQwesha – ababazana naye ezindaweni zobumnandi eminyakeni eyedlule.

UManona watshela uQwesha ukuthi ngesikhathi esasejele waboniswa ukuthi uzoshada nomuntu owayengumqwayizi.

UQwesha uthi zizowushaya maduze, kanti basalinde ukunquma usuku.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...