'Uswidi yiwo obulale indodana yami'

2016-11-28 07:33

Johannesburg - Sekuvele olunye udaba lwengane eshone ngemuva kokuphiwa uswidi umuntu ongaziwa.

Ngomhlaka-14 Novemba, uLihle Zondo, 27, waseWattville, eKurhuleni, waphuthumisa indodana yakhe uThembani Mabaso, 6, esibhedlela ngesikhathi ikhala ngobuhlungu besisu, yize kunjalo yashona.

UMabaso washonela ezandleni zikamama wakhe ngemuva kokudla uswidi.

"Kwakuyithuba zabo-16:15 ngesikhathi uThembani ebuya ekhaya ekhala. Wazijikijela phansi ebambe isisu, wayesezinhlungwini," kusho uZondo.

OLUNYE UDABA: Kuthungathwa indoda ephe izingane uswidi 'onobuthi'

UZondo uthe wabuza uMabaso ukuthi udleni.

"Wasitshela ukuthi udle uswidi awuphiwe 'umalume' angamazi ngesikhathi ebuya esikoleni," kusho uZondo.

"Wabe eseshonela endleleni ebheke esibhedlela."

Uzondo uthe ingane yakhe yayingumuntu owayehlezi emamatheka.

"Ngifisa amaphoyisa ambophe umenzi wokubi," kusho uZondo etshela iDaily Sun.

Kuvulwe icala esiteshini samaphoyisa ase-Actinville mayelana nokushona kukaMabaso kanti amaphoyisa ayaphenya.

Ekuqaleni kwenyanga kwaphuthunyiswa izingane zesikole ezingu-20 esibhedlela ziyolashelwa ukudla ushevu ngemuva kokukhala ngezisu ezibuhlungu.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- Daily Sun

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...