Usuvuliwe umgwaqo kulandela ukusha kwesitolo segesi

2018-01-12 12:32

Cape Town – Usuvuliwe uVoortrekker Road eKapa ngemuva kokusha kwesitolo segesi ngoLwesihlanu ekuseni.

Okhulumela abezicishamlilo eKapa uTheo Layne uthe abezicishamlilo baphuthume esitolo iBlue Flame ngemuva kwezithuba zabo-07:20 namuhla ekuseni.

"Ngenhlanhla, sikwazile ukubhula ilangabi endaweni, isitolo sona besigcwele intuthu namanzi," usho njalo.

OLUNYE UDABA:Kulimale izicishamlilo eThekwini kusha ibhilidi

Kuphuthume amaloli ezicishamlilo amabili kanye nabezicishamlilo abangu-14.

"Ayikho imibiko yokulimala kwabantu kulesi sigameko kanti imbangela yengozi iyaphenywa."

Isikhulu samaphoyisa omgwaqo esifundazweni uKenny Africa siqiniseke ngezithuba zabo-08:29 ukuthi uVoortrekker Road usuvuliwe ngemuva kokuvalwa ngesikhathi sesigameko.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-21°C Drizzle. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-30°C More clouds than sun. Warm.
Jhb: 17-25°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-25°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Dbn: 21-30°C Widely scattered tstorms. Broken clouds. Warm. PE: 20-26°C Numerous showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...