USuthu olumabhesh’ankone

2017-08-20 11:00

Durban -  Umqeqeshi omusha wamaZulu uCavin Johnson ubonge abadlali bakhe ngokuzimisela kwabo emdlaweni wabo wokuqala wokuvula isizini entsha.

"Ngibonga abadlali bethu bonke ngokuzimisela kanye nomdlali omkhulu nokungumlandeli waleli qembu. Ukuseseka kwenu kulo mdlalo kusho lukhulu kimi,"

Uthi abadlali bakhe bayilandele kahle imiyalelo yakhe abanikeze yona yize abenabo isonto kuphela.

OLUNYE UDABA:Usuthu luqinisekise ukujoyinwa owe-Orlando Pirates

Lo mqeqeshi uncome kakhulu indlela uSuthu obelulawula ngayo umdlalo wabo ne-Free State Stars.

Uthi ngisho sebedlala ngabadlali abayishumi kuphela, kukhulu abebengakwenza mhlawumbe baze babhalise negoli lesibili ebhodini.

Yize uSuthu ludlale kahle, akukho ukunethezeka njengoba bazongena emgwaqeni ngoMsombuluko njengoba kulindeleke ukuba babhekane neChippha United ngoLwesibili enkundleni iNelson Mandela.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...