Usuphinde wehliselwa ezingeni eliphansi lomnotho uMzansi

2017-04-07 16:02

Cape Town – Isiphinde yagqemeka enye ingozi engeqiwa ntwala iNingizimu Afrika kulandela ukwehliselwa esigabeni esiphansi somnotho yisikhungo esiklelisa izinga leminotho yamazwe, iFitch.

Lesi yisikhungo sesibili esiklelisa iminotho yamazwe ukuthi sehlisele esigabeni esiphansi izinga lomnotho wakuleli, nokusho ukuthi abanye babatshali bezimali emhlabeni kuzomele bakhiphe izimali zabo abebezitshale eNingizimu Afrika kungenjalo bazobe bephula umyalelo abanikwe wona ngokomsebenzi. Kuthatha izikhungo ezimbili nje kuphela eziklelisa iminotho yamazwe ukwenza izwe libe sesigabeni eliphansi (junk status) ngokusemthethweni nokuthi imithetho ehambelana nakho iqale ukusebenza.

IStandard & Poor’s yehlise izinga lomnotho waseNingizimu Afrika waba ku-BB+ (junk status) ngoMsombuluko kusihlwa, kulandela isinqumo sikaMengameli Jacob Zuma sokuhlela kabusha iKhabhinethi yakhe ngoLwesine olwedlule, nalapho kwaxoshwa khona phakathi kwabanye uNgqongqoshe wezeziMali, uPravin Gordhan.

OLUNYE UDABA: Lilokhu lehle njalo irandi uMzansi wehliselwa esigabeni esiphansi somnotho

“Ngokubona kweFitch, ukuhlelwa kabusha kweKhabhinethi, okubandakanye ukukhishwa kukaNgqongqoshe wezeziMali, uPravin Gordhan, kanye noSekela Mengameli wezeziMali, uMcebisi Jonas, maningi amathuba okuthi kuholele oshintshweni ngendlela okubheke kuyo inqubomgomo yezomnotho,” lesi sikhungo sisho kanjalo ngoLwesihlanu.

Phakathi kwezinye zezinto ezibalulwe yiFitch, kubalwa nemibono eyehlukene ngohlelo lokuphehla amandla ngenuzi (nuclear programme) nokulindeleke ukuthi ludle itshe le mali. Lesi sikhungo sikholwa ukuthi umdonsiswano ngokuphasiswa kwalolu hlelo yiwona owaholela ekutheni ijazi ligcwale umoya kulowo owabe enguNgqongqoshe wezeziMali ngaphambilini, uNhlanhla Nene, ngoDisemba kunyaka ka-2015 futhi kungenzeka ukuthi lube yimbangela yokuhlelwa kwabusha kwekhabhinethi kwakamuva.

UMqondisi Jikelele ehhovisi lomgcinimafa, uLungisa Fuzile, uchaze kabanzi ukuthi kwenzakalani uma ngabe sezimbili izikhungo eziklelise iNingizimu Afrika esigabeni esiphansi somnotho. 

- Finance24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Sunny. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-26°C Sunny. Mild. PE: 14-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...