Usuphinde wanyuswa umholo wesikhulu se-SABC, uMotsoeneng

2016-09-30 18:01

Cape Town – Isikhulu se-SABC esihlale sisesindabeni, uHlaudi Motsoeneng, sesiphinde sanyuselwa umholo waso wafinyelela ku-R4.19m phezu kwezindaba zokuthi iSABC ilahlekelwe u-R411m.

Umbiko woMvikeli Womphakathi, uThuli Madonsela, wathola ukuthi uMotsoeneng wasenga ezimithiyo ngokuthi athi uno-matric ebe engenawo waphinde wanyusa umholo wakhe usuka ku-R1.5m uya ku-R2.4m esikhathini esingangonyaka.

NeNkantolo eNkulu yathola ukuthii ukuqokwa kwakhe njenge-COO kwakungenasizathu futhi kwakungekho emthethweni.

OLUNYE UDABA: Olwamanqamu kuHlaudi Motsoeneng

Kuleli sonto iSABC iqoke uMotsoeneng kwesinye isikhundla sokuba yi-Group Executive of Corporate Affairs.

Manje uMotsoeneng uyena usehola kakhulu eSABC njengoba umholo wakhe unyuke usuka ku-R3.78m, uya ku-R4.197m ngonyaka wezimali wa-2015/2016 nokwenza ukuthi adlule ngisho uMengameli Jacob Zuma ngomholo.

Ngaphezu kwalo mholo uMotsoeneng uphinde abe nebhonasi engu-R213 000. 

- Channel24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-24°C High level clouds. Mild. Bloem: 7-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 14-21°C More sun than clouds. Cool. PE: 13-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...