Usuphelile umendo kuMshoza olaxazwe yindoda ithola ukuthi uyajola

2018-05-08 11:12

Usuphelile umendo kuMshoza ngemuva kokulaxazwa wumyeni wakhe ethola ukuthi uyajola.

Ibivutha ingabaselwe indoda kaMshoza ngoMsombuluko ngemuva kokuveza ukuthi isimlaxazile lo mculo ngenxa yokumjolela.

Lo somabhizinisi waseBergville ogama lakhe nguThuthukani Mvula uthi kudala emsola umkakhe kodwa uze wathola kahle ngoMashi ukuthi uyamjolela.

UMvula uqoqe zonke izimpahla zakaMshoza wazishisa ngoMsombuluko ebonakalisa ukuthi asamfuni nalapho ehamba ngakhona.

Kuthe kusenjalo umfowabo kaMvula waveza imiqhafazo ezinkundleni zokuxhumana, le miqhafazo ibonakalisa izingxoxo phakathi kukaMshoza nesoka lakhe uLucas Mbhele.

UMshoza ogama lakhe langempela uNomasonto Maswanganyi akatholakalanga ukuphawula ngoba ucingo lwakhe beluvaliwe.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Partly cloudy. Cool. PE: 10-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...