Usudayisiwe owababulawa ngembazo eW Cape

2017-03-24 11:01

Cape Town - Isithabathaba somuzi oseStellenbosch okwabulawa kuwo amalungu omndeni akwaVan Breda eminyakeni emibili eyedlule, usudayisiwe.

Ngemuva kokuba sendalini cishe isikhathi esingaphezu konyaka, abakwaMerwood Consultants balande imali engu-R5.8 million ngomuzi kaMartin van Breda okuGoske Street, kusho odayisa imizi.

Icala lendodana yakwaVan Breda, uHenri, lizoqulwa eNkantolo eNkulu yaseWestern Cape ngoMsombuluko.

UHenri oneminyaka engu-22 ubudala ubhekene namacala amathathu okubulala, elilodwa lokuzama ukubulala nelilodwa lokuphambana nomthetho.

OLUNYE UDABA: Uvelile osolwa ngokugenca abazali nomfowabo

Abazali bakhe uMartin, 54, noTeresa, 55, nomfowabo uRudi, 22, babulawa ngembazo ekuseni ngoLwesibili kuwumhlaka-27 Januwari 2015.

Udadewabo uMarli, 17, wasinda kulesi sigameko kodwa walimala kanzima ekhanda. Wakhohlwa konke kanti namanje akucaci noma kukhona yini asazokukhumbula ngesigameko.

UHenri waboshwe ngemuva kwezinyanga ezingu-17 kwenzeke isigameko kanti njengamanje ungaphandle ngebheyili yemali engu-R100 000.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...