USomlomo ubengakasithathi isinqumo ngesicelo se-EFF

2018-02-12 16:00

Parliament – Usomlomo wePhalamende uBaleka Mbete akasithathi kancane isicelo se-Economic Freedom Fighters (EFF) sokuba lusondezwe usuku lokudingida isiphakamiso sokungethenjwa kobuholi bukaMengameli Jacob Zuma, njengoba ‘enqaba okwehla esikhundleni’ nakuba i-ANC imcela ukuba asesule.

UMbete wamemezela ukuthi kuzodingidwa ngesiphakamiso ngoFebhuwari 22, ngemuva kosuku lwesabelomali.

OLUNYE UDABA: Izovela enkantolo indoda esolwa ngamacala okugwaza

Kodwa i-EFF yabe isicela ukuba lusondezwe lolu suku ngemuva kokuba ‘zingaphumelelanga’ izingxoxo ezidonse isonto lonke phakathi kukaMengameli Zuma nomengameli we-ANC uCyril Ramaphosa zokuba ehle esikhundleni.

Amaqembu aphikisayo athi ukungaphumeleli kwezingxoxo kwenza uRamaphosa abukeke entekenteke

I-ANC ibize umhlangano ophuthumayo we-NEC ngoMsombuluko ukudingida ngekusasa likaMengameli Zuma.

I-ANC kuthiwa ifuna kube iyona ezixazululela lolu daba, ngaphandle kokusizwa ngamqembu ephikisayo.

- eNCA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-22°C Scattered tstorms late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...