USomizi ecacisela lowo othi udumo lwakhe lwasimamiswa wuBonang

2017-08-16 19:35

Johannesburg - USomizi Mhlongo ongumdansi, wumbhali kanye nejaji ohlelweni lokuvundulula ikhono lomculo ama-Idols usekubeke obala ukuthi ukuba wumngani nosaziwayo uBonang Matheba akuzange kukukhulise udumo lwakhe.

Lokhu ukusho ngemuva kokuthi uPhil Mphela oyi-blogger avele ohlelweni iReal Goboza kuSABC 1 ephawula ngodumo lwalo saziwayo.

UMphela ugxekwe kakhulu ngenkulumo yakhe eveza ukuthi uSomizi udume kakhulu ngenxa yokuba wumngani noBonang.

OLUNYE UDABA:USomizi uvikela umculi okuthiwa ‘uyathakatha’ ngokushisa impepho

Esezama ukuziphendulela, uMphela ubabele ezinkundleni zokuxhumana eveza ukuthi akashongo lokhu okucatshangwa ngabantu kodwa uthi kumthuthukisile uSomizi ukusondelana noBonang.

USomizi ongalali endleleni ezindabeni ezithinta yena uzwakalise ukuphawula kwakhe ezinkundleni zokuxhumana ephendula uMphela.

USomizi uthi ama-Idols amenze waduma kakhulu, hhayi uBonang.

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-19°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 16-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...